
Kushe itekisi ebelithwele izingane zesikole eMouti, KwaZulu-Natal, ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi libheke emgwaqweni omkhulu khona endaweni yaseMaoti.
Ngokusho konogada benkampani yakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA), umshayeli ukwazile ukukhipha bonke abantu abebesemotweni ngokuphepha ngemuva kokubona ukuthi itekisi liyasha.
Kubikwa ukuthi umlilo uqale endaweni yenjini.
Itekisi belithwele izingane zesikoleni ezifunda amakilasi aphansi; u-Grade 1 kuya ku-Grade 4, kanye nengane yasenkulisa, kanti kubikwa ukuthi izingane bezineminyaka ephakathi kwengu-6 nengu-14 ubudala.
Kuhlolwe izingane zesikole ezimbili ngenxa yokuphefumula intuthu. Akukho okunye ukulimala okubikiwe. Ezinye izingane zesikole zihanjiswe esikoleni ngenye itekisi.
Imbangela yomlilo ayikaziwa.
Izithombe:









Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
