
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali, uSiboniso Duma uthi kuyaphenywa ngezimo eziholele ekushoneni kwabantu abayishumi engozini eyenzeke eCato Ridge ngoLwesithathu ebusuku.
Ungqongqoshe uthi kuzophenywa nangezinsolo ezibekwe ngofakazi kanti namuhla ekuseni amathimba aphuma ehhovisi lakhe kanye nophiko lwezokuphepha emigwaqweni azobe esemakhazeni kahulumeni eMgungundlovu kanye nemindeni yabantu abayishumi abashone kule Ngozi yomgwaqo eyenzeke phakathi kwaseGeorgedale eHammarsdale naseCato Ridge ngoLwesithathu ebusuku.
Imindeni elahlekelwe ngabathandiweyo babo nokuyibo ababeka isinkwa etafuleni ikhathazeke kakhulu, kodwa eqinisweni okwenza lenhlekelele ibe buhlungu kakhulu ukuthi bashone belibangise emsebenini kanye nezinsolo ezithile ezibekwe ngofakazi.
Ithimba lethu le-Road Traffic Inspectorate (RTI) kanye namaphoyisa akwaMasipala weTheku asebenzisana nawophiko lwe-South African Police Service kanye neRoad Traffic Management Corporation njengengxenye yophenyo.
Ezimeni ezijwayelekile, sihlezi sikugwema ukusolana, kodwa kungaba yiphutha elikhulu nokungenaki ukungaphenyi ngezinsolo zokuthi umshayeli wetekisi ubecwile kwezikaFaro ngaphambi kwengozi.
IZITHOMBE:












Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
