
Amaphoyisa akwaMasipala weTheku akhiphe isimemezelo esibhekiswe kubashayeli bezimoto kanye namalungu omphakathi mayelana nokuhtinteka kokuhamba kwezimoto eduze kwenkundla yezemidlalo i-Moses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, womhlaka-10 Occtober 2026, ngenxa yomdlalo wamanqamu we-MTN8 phakathi kwe-Orlando Pirates ne-Mamelodi Sundowns.
Amasango enkundleni yezemidlalo azovulwa ngo-14:00, kanti umdlalo uhlelelwe ukuqala ngo-18:00.
Umgwaqo u-Isaiah Ntshangase Road uzovalwa kusukela ngo-12:00 uze uvulwe uma sekuphele umdlalo.
Abashayeli abangayi ukuyobuka umdlalo enkundleniyezemidlalo bayelulekwa ukuthi bakugweme ukuhambela indawo ezungeze i-Moses Mabhida Stadium futhi basebenzise eminye imigwaqo ukuze bafike lapho beya khona.
Abazobe beyobukela umdlalo bayakhuthazwa ukuthi bafike kusenesikhathi, bazihlele kahle uhambo lwabo, futhi balalele imiyalelo yamaphoyisa akwa-Metro kanye nezinye izikhulu zezomthetho ezisemsebenzini.
Indawo yokupaka izimoto izotholakala e-Mastering Field, e-Suncoast Casino, kanye nasemgaqweni, Umngeni Road.
Indawo ebekelwe ukwehlisa abantu (drop-off zone) ikuMngeni Road. Abashayeli bayacelwa ukuthi bayisebenzise ngendlela efanelekile le ndawo futhi bakugweme ukuvimbela ukuhamba kwezimoto.
Amalungu omphakathi angenamathikithi omdlalo ayelulekwa ukuthi angayi ngasenkundleni yezemidlalo. Bona bahlelelwe indawo ekhethekile yokubukela ibhola (fan park) e-Bay of Plenty olwandle eThekwini (Beachfront), nokuyindawo ezovuleleka kusukela ngo-12:00 emini kuze kube wu-22:00 ebusuku.
Amaphoyisa akwa-Metro eThekwini anxusa bonke abashayeli nabayobuka umdlalo ukuba babambisane nezikhulu, balalele imiyalelo yomgwaqo, futhi bafike kusenesikhathi ngenxa yokuminyana okulindelekile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
