
UMongameli waseMelika (US) uDonald Trump uthe uhlele ukukhuluma noMongameli waseRussia uVladimir Putin “maduze kakhulu” ngenkathi iWashington iqaphe imibiko mayelana nesifo samaphaphu esibizwa nge-pneumonic plague eRussia. Ngesikhathi ebuzwa yintatheli ngesigameko esihlobene nalesi sifo, uTrump uthe kuhlelelwe ukushayela ucingo uPutin ukuze kuxoxwe ngokufa okusolwayo, wengeza ngokuthi “kuze kube manje, sisezingxoxweni ezijulile. Cishe sizokwazi ukubika ngakho kusasa.”
Ngaphambilini uTrump uthe iMelika ibhekisise kakhulu ingozi ye-pneumonic plague evela eRussia, wengeza ngokuthi iWashington “izobasiza.”
UNobhala Wezwe laseMelika, uMarco Rubio naye ngoLwesibili unxuse iziphathimandla zaseRussia ukuthi zabelane ngolwazi olwengeziwe mayelana nokufa okungaqondakali kwesisebenzi saselebhu.
“Ngicabanga ukuthi kuyisibopho saseRussia ukuthi yabelane ngolwazi olwengeziwe nomhlaba,” kusho uRubio etshela izintatheli e-Iceland.
“Sikubhekisise kakhulu lokhu, ihora nehora.” eqhuba.
Lesi sigameko senzeke ngesonto eledlule lapho umcwaningi oneminyaka engu-28 ubudala, uDaria Shipilova, eshona ngenxa yesifo samaphaphu (pneumonia) esingaziwa imvelaphi yaso e-Irkutsk Anti-Plague Institute yaseSiberia naseMpumalanga Ekude (Far East).
Ukufa kwakhe kwavusa ukukhathazeka okukhulu mayelana ne-bubonic plague, okuyisifo esisabalele ezweni lonke. Nokho, ngoLwesibili, inhlangano yaseRussia ebhekele ezempilo i-Rospotrebnadzor ikhiphe imininingwane emisha mayelana nokukhathazeka ngalesi sifo. Ngokusho kwemininingwane yakamuva, iziphathimandla azizange zithole amacala alesi sifo kubantu ababehlangene nalo msebenzi waselebhu yaseSiberia owashona ngoLwesihlanu.
Azizange zithole namagciwane (microorganisms) emzimbeni womcwaningi oshonile ezihlobene nomsebenzi wakhe.
I-Centers for Disease Control and Prevention (CDC) nayo iphendule ngale mibiko, yathi “iyazi futhi iqaphe eduze imibiko mayelana necala elisolwa lokuthi yi-pneumonic plague esifundeni sase-Irkutsk eRussia elaholele ekufeni komuntu.”
Ngokusho kwe-WHO, ingozi empilweni yomphakathi iphansi kakhulu ngokwalolu lwazi olutholakalayo, kanti uMqondisi-Jikelele we-WHO uTedros Adhanom Ghebreyesus ucele izikhulu zaseRussia ukuthi zihlanganyele ngolwazi lwalesifo, nohlobo lwegciwane elithintekayo kanye nembangela yesifo samaphaphu esibi kakhulu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
