
Kushone umshayeli wemoto encane kwalimala kanzima oweloli engozini enkulu eyenzeke ku-N3 Pietermaritzburg bound eduze noRichmond Road, ePinetown ngoMsombuluko ebusuku.
Abosizo lokuqala bakaw-ALS Paramedics baphuthume endaweni yesigameko ngemuva kwezithuba zabo-23:30 ebusuku bafica isibhicongo sengozi njengonga iloli elithwala izimoto lishayisane nemoto encane ngaphambi kokuyoshayisa ibhulohwe nokuyilapho umshayeli evaleleke ngaphakathi elolini.
Abosizo lokuqala, ekufikeni kwabo bahlole isimo, bathola ukuthi umshayeli wemoto encane okuyindoda okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kweko-40 ubudala ithole amanxeba amabi, ngeshwa alukho abebesangakwenza ukuyihlenga yahlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko.
Umshayeli weloli yena utholwe evaleleke ngaphakathi elolini kwabe sekujutshwa abezicishamilo be-Ethekwini Fire Department ukuba bezolekelela ngokutakula lo mshayeli.
Abazecishamlilo bathathe cishe isikhathi esingamahora amabili ukutakula lo mshayeli okuthe uma ephuma kwatholakala ukuthi ulimele kanzima wafakwa e-ambulensini yakwa-ALS Paramedics ukuze ezophuthunyiswa esibhedlela esiseduze ezothola ukwelashwa okufanelekile.
Okwamanje imbangela yengozi azikaziwa kodwa amaphoyisa ophiko lwe-SAPS abekhona endaweniyesigameko kanti azophenmya.


Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
