
Ngu: Alfred Ngubane |
UBobby Motaung oyimenenja yeKaizer Chiefs usebuyele eZimbabwe ukuyohlwaya abadlali khona. UMotaung ubenesikhathi eside engalubhadi unyawo lakhe eZimbabwe kulandela ukungafuni ukukhokhela abadlali emaqenjini akhona.
Uhlangane nomunye wabaphathi be Scotland FC okuyiqembu elisha nelinedumela kakhulu njenga manje ngenxa yokuthi liphethwe yizinjinga zosopolitiki. Uzothamela umdlalo omkhulu ozoba phakathi kweScotland FC neCaps United.
Kulindeleke ukuthi uMotaung abuye nabadlali abasha kulelizwe lase Zimbabwe. Kuzokhumbuleka ngaphambilini ukuthi uMotaung wathola abadlali abanjengo Knowledge Musona noTinashe Nengomashe bafika kuChiefs bagila izimanga bashiya abalandeli bejabule.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
