Isilo sehlise uZondi esikhundleni samenza Iso lasemahostela nasemalokishini

Isilo sishaye ingwijikhwebu ngokuxosha uShansela waso Inkosi uMalusi Zondi njengoba sesimubuyisile kodwa samqokela ukuba Iso lasemaHostela nasemalokishini.Lokhu kulandela umhlangano wabantwana baseNdlunkulu neSilo uMisuzulu kaZwelithini esigodlweni eMashobeni,oPhongolo ngoLwesibili nokuvunyelweni ngokuthi Inkosi uMalusi Zondi ibuyiswe.

UMntwana uThulani Zulu waseZibindini obethula umbiko womhlangano uthe iNgonyama iyaxolisa kuZondi ngokwenzekile kodwa izothumela abantwana baseNdlunkulu bayomubikela ngesikhundla esisha asejutshwe kuso.“Ingonyama isithumile njengabantwana ukuba simemezele isinqumo sokuthi ihhovisi ebeliphethwe uMnuz Arnold Ndamase uyalivala. Kunalokho isiqoke uNobhala wayo ozobhekana nokusebenza kweNgonyama usuku nosuku nokunguMntwana uKhishwengubani waseGazin. Mayelana nehhovisi likaShansela, nalo liyaphela kodwa iNgonyama imjuba komunye umsebenzi wokuba Iso leSilo nazowenza noMntwana u-Afrika wasoNkweni. Okuzokwenzeka imininingwane egcwele abantwana abajutshwe iSilo kuZondi sebeyofike bamchazele konke,” kusho uMntwana uThulani.

UZondi ukhishwe esikhundleni esikhulu nebesixhumanisa iNdlunkulu kaZulu nosomabhizinisi bamazwe omhlaba.UZondi kuthiwa ubeseqalile ukugqama kulesi sikhundla njengoba amagalelo akhe ebonakale emhlanganweni weG20 obuseGoli wamazwe angu-20 emhlabeni acebile.Kulo mhlangano waqhakambisa igalelo le ndlunkulu kaZulu kubatshalizimali bamazwe ekutheni bangawufukula kanjani umnotho wesiFundazwe iKZN.

Kumanje wehliselwe esikhundleni sokuba Iso leSilo emahostela nasemalokishini.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.