
Ngu: Alfred Ngubane |
UManqoba Mgqithi uzoyishiya iGolden Arrows njengoba inkontileka yakhe iphela ngoJune. Lomqeqeshi ukhonjwa kuKaizer Chiefs ukuthi azoba yiphini likaPitso Mosimane.
UMgqithi usebenzile noMosimane ku Mamelodi Sundowns banqoba iligi amandla angu 8 neMTN 8 Cup, Nedbank Cup, Telkom Knockout Cup, CAf Champions League neCAf Super Cup.
Ngokusho komthombo uManqoba usevumelene neKaizer Chiefs ngakhokonke akudingayo. Kuzokhumbuleka ukuthi uPitso usanda kuphumela obala ukuthi useye amahlandla aminingi lapho kujimela khona iChiefs eyohlola isimo.
UMgqithi uvuse iGolden Arrows ekade isifadabele kulamasizini amaningi adlulile njengoba leliqembu liqede endaweni yesishiyagalombili. Kumanje lizodlala kuMTN 8 Cup ngesizini ezoqala ngo-August.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
