Ngacishe ngashiya kuBucs ngisaphikwa imiphumela’- Ouaddou

Ngu: Alfred Ngubane |

Umqeqeshi wase-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou uveze ukuthi wasula kweZimnyama ekuqaleni kwesizini ngemuva kokuhlulwa imidlalo emibili elandelanayo. Kodwa ibhodi lePirates lenqaba ukumvumela ukuba ahambe.Ukuveze lokhu ngesikhathi ekhuluma ku-Extra Time.

U-Ouaddou uthe ngemuva kokuhlulwa leyo midlalo emibili, wayebona sengathi akekho endaweni efanele. “Angikwazi ukuqamba amanga kubantu. Uma ngihlulwa, ngiyashiya. Ngithumele incwadi yami yokushiya, ” kusho yena.

Kodwa ibhodi le-Pirates lamvimba. Ngokusho kwakhe, bamtshela ukuthi bayamazi, bamthembile, futhi bafuna ahlale ahole iqembu.U-Ouaddou wavuma ukuhlala, futhi lokho kwashintsha yonke into.

Ngaphansi kobuholi bakhe, i-Orlando Pirates yadlala ibhola eliqinile yaze yaqeda isizini ka-2025/26 ngokuthatha i-treble:1. Betway Premiership 2. MTN 83. Carling KnockoutLokhu kwaba ukuphela kwesizini emangalisayo emva kweminyaka eyi-14 i-Pirates ingatholi indebe yeligi.

“Ngikhathele kodwa ngiyaziqhenya,” Manje ngemuva kwesizini ende, u-Ouaddou uthe ukhathele futhi usazocubungula ikusasa lakhe kuPirates. Kodwa uqinisekise ukuthi ubudlelwano bakhe nebhodi buhle.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.