
Ngu Minenhle Mpembe
Omunye wabaholi beMarch and March uPhakelumthakathi Ndabandaba uhole umkhuleko obubanjelwe eKing Dinuzulu Park eThekwini obekuhloswe ngawo ukusiza amaphara ukuze ashintshe impilo yawo. Lo mkhuleko ubuhanjelwe umphakathi kukhona nalabo abahlala emgwaqeni.
UPhakel’umthakathi uthe ufuna ukusiza abesilisa abahlala emgwaqeni abenze amadoda aphinde abafake emabuthweni. Inyanga yodumo uMzimb’okhalimali Dlamini uthi balapha ngoba bafuna ukuzokhuluma nabantwana abahlala emgwaqweni ngoba uyakholelwa ukuthi basangashitsha isimo sabo ngoba bakhona abashintshayo.
“Konke lokhu okwenzeka lana singakunqoba ngomkhuleko ngoba kulabantu kukhona odokotela bakusasa,” kusho uDlamini. Omunye wesilisa obeyisikhulumi, uNkanyiso Ngobese uthi waphunyuka ehlala emgwaqweni kodwa ngoba wakhetha unkulunkulu washintsha.
“Izidakamizwa ngaziqala ngenza unyaka wesibili eMangosuthu of Technology ngazi bona izidakamizwa zingithatha ngiyohlala emgwaqweni ngashiya impilo efudumele,” kusho uNgobese.
USabelo Ntuli, ohlala emgwaqweni uthe kuyamjabulisa ukubona uNgobese eseshintshile ngoba ubehlala nabo futhi unethemba lokuthi naye usazoshintsha.
Abanye abazali bezingane ezihlala emgwaqweni baphumile bazohlanganyela kulomkhululeko ukuzoseka izingane zabo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
