
I-National Prosecuting Authority (NPA) iyasemukela isigwebo sikadilikajele neminyaka ewu-45 esitholwe wuPeterson Booysen eNkantolo yesiFunda eNtuzuma emuva kokuthi elahlwe ngamacala amathathu okubulala nokuzama ukubulala.UBooysen wayehlala eMaoti kanti umufi wokuqala wayewumakhelwane wakhe.
Ngo-07 March 2021, uBooysen waxabana nomufi emsola ngokweba iselula. Ummangalewa wafutha umufi ngesisi esikhalisa unyembezi wamgwaza wambulala. Ummangalelwa wabaleka waze waboshwa emuva kwezinyanga eziwu-6.
Umbuso nakuba wasiphikisa isicelo sebheyili kodwa wagcina eyitholile.Wabaleka futhi kwaze kwakhishwa incwadi yokuthi aboshwe kodwa wayelokhu egcwele amathafa.Ngo-17 August 2023 , uBooysen nabanye ababili babandanyeka esigamekweni sokudubula kwashona abantu ababili kwalimala abanye ababili.
Omunye umufi uYulong Chen wayenemishini yokugembula ezitolo zaseNanda. Ngosuku lwesigameko uChen nabasebenzi bakhe babhozonyelwa wuBooysen nabanye ayehamba nabo behlome ngezibhamu. Kwadutshulwana kwashona uChen nomunye owayehamba noBooysen. Abasebenzi bakaChen balimala kodwa basinda.
UBooysen waboshwa kodwa abanye bagcwala amathafa.Selusenkantolo udaba , uMshushisi uNqobile Africa uveze ubufakazi bohlelo lokukhomba olwahlonza uBooysen, umbuso wethule nezitatimende zabagilwa abazenze beluswe wuSenziwe Mtetwa oyi-Court Preparation Officer.
Abagilwa bathe ukulimala kwabo sekuyoba yinto yaphakade ezoba nomthelela onzima. Ilungu lomndeni womunye umufi limchaze njengomuntu obelungile futhi umndeni ufe olwembiza ngaye futhi sebehlala bethuka izanya. UBooysen ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngokubulala umakhelwane , udilikajele ngokubulala uChen, iminyaka ewu-10 ngecala ngalinye lokuzama ukubulala neminyaka ewu-10 ngokufa komuntu ayehamba naye.
Inkantolo inqume ukuthi uBooysen akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. I-NPA inethemba lokuthi isigwebo sizoveza ukuthi ubugebengu ngeke bubekezelelwe. I-NPA izimisele ukulwela abagilwa bathole ubulungiswa nemindeni yabo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
