‘Angifuni iPirates Ibhekane nalokho esakwenza kuChiefs’ – Ngubane.

Ngu: Alfred Ngubane |

Ingwazi yeBush Bucks, uMlungisi Professor Ngubane, uthe inhliziyo yakhe ayisoze yathanda ukubona i-Orlando Pirates ibhekane nalokho abakwenza kuKaizer Chiefs ngo-1987, lapho bayiphuca isicoco seligi ngosuku lokugcina.

UNgubane ukhulume ngaphambi komdlalo omkhulu lapho iPirates izobhekana neOrbit College kumdlalo ozonquma kokubili isicoco seBetway Premiership kanye nokwehla kwe-Orbit.UNgubane wayengomunye wabadlali beBush Bucks abashaya iChiefs 2-1 eKings Park, ngosuku lapho iChiefs yayidinga iphuzu elilodwa kuphela ukuthweswa isicoco.

“Njalo iChiefs yayisibheka njengebhokisi lokushaya. Kodwa ngalelo langa kwafanele sibamangaze. Ngaphambi kwalolo suku, ‘ukunqoba’ kwethu iChiefs kwakuwumdlalo oyidrowa kuphela. Kodwa ngalelo langa, kwaba yisikhathi sethu,” kukhumbula uNgubane.Uthi osuku lolo babedlala noMark Tovey, Stuart Turnbull, uThomas ‘Who’s Fooling Who’ Hlongwane, Bennett Gondwe noDave Watterson.

UNgubane uthi lokho okwenzeka ngo-1987 kufana nalokho okwenzeka kumdlalo wePirates neDurban City ngesonto eledlule, lapho iPirates yabanjwa 1-1. “Uma udlala neqembu olijwayele ukulinqoba, uyayeka ukuhlela kahle. Ugxila ekutholeni amagoli amabili ngokushesha, ungacabangi ukuthi kuzokwenzekani uma isitha sishaya kuqala,” usho ehleka.

Kodwa-ke, usethe akasafisi ukubona umlando uziphinda. “IPirates isebenze kanzima unyaka wonke. Ngithanda ukubona iPirates iwina iligi. No-Irvin Khoza usebenze kanzima ukuyifikisa lapho ikhona manje. Ifanele ukuwina,” kuphetha uNgubane.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.