
Ngu: Alfred Ngubane
IPhini lomqeqeshi we-Orbit College, uKabelo Machete, uthi kuzoba khona ukukhala nokugedla kwamazinyo ngemuva komdlalo wabo ne-Orlando Pirates namuhla. “Sizoya kokulwa sifele enkundleni asizoba ngobhanana. Izinyembezi ziyogeleza khona, kodwa asazi ukuthi ziyogeleza kuphi,” kusho uMachete.
I-Orbit iphethe ukhiye wesicoco. Uma iPirates ifuna ukudlula iMamelodi Sundowns etafuleni, kufanele inqobe i-Orbit. Ngakolunye uhlangothi, i-Orbit nayo idinga amaphuzu ukuze ibaleke izembe.”Isimo sihle kakhulu kithi njengoba sidlala namaqembu amakhulu.
Isinqumo sokunqoba kwe-Orlando Pirates silele kuthina nesokusinda kwethu silele kuthina,” kusho uMachete. Uqhathanise lo mdlalo nendaba kaDavide noGoliyati eBhayibhelini. “Sing uDavide kulo mdlalo. Asidingi amatshe amahlanu, sidinga elilodwa kuphela.” usho kanje.
I-Orbit ne-Pirates zibhekene namuhla emdlalweni ozonquma kokubili isicoco kanye nempilo ye-Orbit ku-Premiership.Lamaqembu azodlala eMbombela Stadium ngo 15:00.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
