Sibhekwe ngabomvu isinqumo ecaleni loMsinga noMkhambathi

Ngu: Alfred Ngubane |

USihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza uthi bazowamukela umphumela wecala noma ngabe uthini. “Mangabe lingilahlile ngizokwemukela mangabe lingithethile ngizokwemukela,” kusho uMpanza.

Kulindeleke ukuthi isinqumo somxazululii ophethe udaba lecala eliphakathi koMsinga United noMkhambathi FC siphume namuhla. Kuzokhumbuleka ukuthi uMsinga United wafaka isimangalo kuSAFA Arbitration, umangalelwa uMkhambathi ukuthi udlalise abadlali abangabhalisiwe ngokusemthethweni kwaSAFA.

Labadlali ikhona imidlalo abayadlala babuye babadedela ngokuhamba kwesikhathi. Mangabe uMsinga United umphumela uvuna wona kungenzeka ukuthi umdlalo ubuyele enkundleni udlale noMvoti FC.

Ozophumelela lapho uzoyomela iKwaZulu-Natal ku-ABC Motsepe League emdlalweni yokuhlungela kazwelonke e-Eastern Cape ngo June.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.