Ukaputeni woMsinga United uthembisa ukubonga usihlalo ngeMathemba Cup

U-Ayanda Ntshebe Dlamini ongukaputeni woMsinga United uthi sebekudlulisile ukuhlulwa kwabo ukuthola indawo yokuqala ku Stream B yemidlalo yeABC Motsepe League KwaZulu-Natal.

Njemanje sizogxila kakhulu emdlalweni wamanqamu we Mathemba Cup lapho sizobhekana ne Summerfield Dynamos FC .Sifuna ukubonga ngayo usihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza ngomsebenzi omuhle asenzela wona kusho Dlamini.

Lomdlalo uzoba ngesonto lamhlaka 17 May kwaNgcede omhlophe Sports Ground eMandeni ngo 15:00.

Khona manjalo ukhona omunye umdlalo wokuhlungela ozomela isifundazwe saKwaZulu KwaZulu-Natal emdlalweni kazwelonke ABC Motsepe League ,lomdlalo ubhekwe ngamehlo abomvu phakathi koMvoti FC no Mkhambathi FC eSuger Ray Xulu Stadium ngomgqibelo ngo 13:00.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.