Kushone obemele i-DA embangweni wobumeya.

KUSHONE obemele i-DA embangweni wesikhundla sobumeya kuMasipala waseMhlathuze, uMnuz Christo Botha.UBotha, obeyiphini lemeya kuMasipala waseMhlathuze, ushone emva kokuxinwa ukugula. Izindaba zokushona kwakhe zimenyezelwe ngumholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Sithembiso Ngema.

UNgema uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kukaBotha.”Asilahlekelwanga nje iphini lemeya kodwa silahlekelwe umholi obesebenzela abantu. Uyena obezomela i-DA embangweni wesikhundla sobumeya eMhlathuze njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya. Angeke siwakhohlwe amagalelo akhe kuMasipala waseMhlathuze nokulwela kwakhe abantu baseMhlathuze.”

UBotha ubephinde abe yikhansela lakuWard 2. USomlomo womkhandlu, uMnuz Tobias Gumede, unxuse abantu abahlala kuWard 2 abadinga usizo lomkhandlu ukuba bathinte ihhovisi lakhe namalungu ekomiti lekhansela kuWard 2 ukuze ezothola usizo. UGumende udlulise amazwi enduduzo emndenini kaBotha.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.