
UNdlunkulu wesizwe sabaThembu e-Eastern Cape uthi kwakungcono kusaphethe uHulumeni waseTranskei kaGeneral Bantu Holomisa e-Eastern Cape ngoba intuthuko yayigeleza.
UNdlunkulu uNolubabalo Mcinga ukusho lokhu ngemumva kokulaxaza iqembu uMkhonto weSizwe Party ngesonto eledlule, wajoyina i-UDM kaHolomisa.Uthe sekuyisikhathi sokuba abantu base-Eastern Cape babuyele emasisweni kuHolomisa ukuze omasipala baphathwe ngendlela ngoba basesimeni esiyihlazo.
“Sekuyisikhathi sokuba abantu base-Eastern Cape bavotele i-UDM km ukuze kubuye lobuya buqotho bobuholi bukaHolomisa esakhula phansi kwabo kuseyiTranskei. Isimo somasipala balapha e-Eastern Cape sifaka amahloni ngenxa yenkohlakalo,” usho kanje.
UNdlunkulu uMcinga uqale ukuzibandakanya kwezepolitiki ngesikhathi engena ku-EFF wazewayoyimela ePhalamende. Ngemumva kwalokho uyishiye phansi wangena kuMkhonto weSizwe Party.
Kuthe uma uMnuz Floyd Shivhambu ephuma kuMKP, wahamba naye basungula i-Afrika Mayibuye Movement, waqokwa waba iphini likaMengameli kaShivhambu.Ngemumva kwalokho ubuyele kuMKP kanti usephinde washiya wayojoyina i-UDM.
“I-UDM sekuyilona khaya lami lokugcina leli kwezombusazwe. Akusekho lapho esengizoya khona. Empeleni uthando lwami nge-UDM lusuka kude ngesikhathi uHolomisa efika noMnuz Roelf Meyer ngasekhaya eGraaf Reinet. Yilapho engazibona khona ukuthi ngiyahambisana nezinkambiso kanye nemigomo ye-UDM ebengivele ngiphila ngaphansi kwayo,” kusho uNdlunkulu uMcinga. UNdlunkulu uMcinga ungowokuzalwa eGraaf Reinet kwesikaSolwazi uRobert Mangaliso Sobukwe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
