
I-Ndlunkulu kaZulu ayeneme ngendelelo ekhonjiswe uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli ophonsele iSilo ukuba sikhulume isiVhenda ngenkani ngoba edinwe ababhikishi baseGoli abebemphoqa ukuba akhulume isiZulu.
NgoLwesine uNgqongqoshe uKhumbudzo Ntshavheni ukhwele wadilika eSilweni uMisuzulu kaZwelithini esithangamini nabezindaba wathi kufanele afunde ulimi lwesiShangane,isiPedi nesiVhenda ukuze naye akhulume isiZulu.
Uthe akukwazi ukuthi abantu bangaphoqa labo abangasazi isiZulu ukuba basikhulume ekubeni iSilo samaZulu singafuni ukufunda ukukhuluma isiVhenda.Uthe yena uyosikhuluma isiZulu mhla iSilo uMisuzulu kaZwelithini wafunda isiVhenda.
Inkosi uMalusi Zondi oyiNxusa leNgonyama uthe kuyishwa ukuthi umholi osehhovisi elihlonipheke kanjena,akhulume amazwe angenanhlonipho kangaka ekubeni iSilo besingahlangene nabekubanga nababhikishi.
“Siyanxusa ukuba lolu daba lusingathwe ngesineke nangenhlonipho ngoba ihhovisi likaMengameli lidlala indima enkulu ekuxhumaneni komphakathi nezinhlaka ezibalulekile okubalwa nobukhosi. Ngakho kunokuphakama kwamaphaphu kuhle lolu daba lusingathwe ngesineke kuhlonishwe nesithunzi seNgonyama,” kusho uZondi.
Le mibhikisho isidala izinkulumo eziningi njengoba bekukhona abathi eyamaZulu namaXhosa kodwa abaholi bayo bathi akulona iqiniso lelo ngoba eyabo bonke abahlali baseNingizimu Afrika abadinwe ubugebengu babantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
