
UNdunankulu kaZulu utshele abomndeni waseNdlunkulu ukuthi iSilo sicela ukubuyisana nokuba basondele eduze kwesihlalo ukuze kusetshenzelwe isizwe kuqiniswe nobukhosi.
UMfundisi uThulasizwe Buthelezi ukhulume kanje emngcwabeni kaMntwana uMuziwoxolo KaFalakhe Zulu obusesigodlweni kwaKhethomthandayo,kwaNongoma ngoMgqibelo.Uthe kuyisfiso seSilo ukuthi abakwabo okungumndeni wonke waseNdlunkulu basondele esihlalweni ngoba singesabo.
“Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini ingithumile ukuba ngisho ukuthi kubalulekile kakhulu ukuthi ningabakwabo nisondele eduze kwesihlalo ngoba uma nikude sibantekenteke. Lesi sihlalo bantwana singesenu ngakho kubalulekile ukuthi nibeseduze kwaso,” usho kanje.
Uqhube wathi ukwehlukana obekulokhu kukhona eNdlunkulu kugcine kulimaza nezinhlelo zokuba kuvulwe umfuziselo weSilo uMdlokombane obekwe oLundi ngaseSishayamthetho esidala.
UButhelezi uthi sekuyiminyaka waphothulwa umsebenzi walo mfuziselo weSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu kodwa awukaze uvulwe ngenxa yokuthi iNdlulamithi beyifisa ukuthi lokhu kwenzeke umndeni usubumbene.
Uqhube wathi ngesikhathi beseBritain noMdlokombane ngonyaka ka-2019,wabenzela isimanga ngokuthi ayogubha usuku lwakhe lokuzalwa olubanjalo ngoNtulikazi endlini yesonto laseSheshi Westminster Abbey, eLondon.
Uthe kwabanenkonzo eyayiholwa obhishobhi bakhona basebukhosini bamaNgisi nokuyilapho uMdlokombane acela khona ukuba kuthandazwe esikhundleni sokubhiyozela usuku lwakhe lokuzalwa.
Uveza nokuthi kusuka lapho uMdlokombane wacela ukuthi usuku lwakhe lokuzalwa lugujwe ngenkonzo.Uthe nakulokhu luzogujwa ngayo inkonzo nosekuzokwenzeka minyaka yonke.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
