
Bahlalele ovalweni abaholi bezinhlangano zomphakathi KwaZulu-Natal nase Gauteng abalwisana nabantu bangaphandle kuleli .Lokhu lundela ukushiswa kwemizi yabaholi be March to March izolo emini , kushiswe umuzi ka Ngizwe Mchunu eMbumbulu lapho kufike khona abantu behlome beyizingovolo babuza ezinganeni uMchunu zathi akekho baqala bashisa umuzi , baphinde badlulela eMzimkhulu lapho bafike bashisa umuzi kaFela emtwini .
Labaholi bomphakathi baqale basabiswa ngabantu abangabazi evikini eledlule emcimbini thizeni , njengoba kade behola inhlabaluhide lombhikisho obusesizindeni sezidakamizwa ePoyinti lapho kugcwele khona abantu base Nigeria .Khona manjalo kukhona inkabi elokhu isabisa uJacinta Ngobese ongumholi we March to March ithi izombulala .
Abahlaziyi bezepoliti eNingizimu Africa sebekhombe ngenjumbane abaholi be ANC KwaZulu-Natal ukuthi yibona abagila lobubi bokusoconga abaholi bezinhlangano zomphakathi .
Kuzokhumbuleka ukuthi kukhona izindawo eziningi lapha eNingizimu Africa ezadayiselwa abantu bangaphandle ngabaholi beqembu elibusayo eNingizimu Africa ANC .Labaholi bayadla ngalabantu bangaphandle kwaleli lase Ningizimu Africa ,
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
