
Ngu: Zasembo Mkhize |
Bekushibile ePhoyinti eThekwini namhlanje ngesikhathi iMarch and March, izinsizwa namabutho namalungu omphakathi begasela kule ndawo ethathwa njenge sidleke sezidakamizwa. Imashi ibiholwa umdidiyeli wamabutho wakwaMandlakazi uPhakelumthakathi, noMengameli wamabhinca uNgizwe Mchunu.
Ababhikishi bafike bagasela emafulethini adume ngokuba imihhume yezigebengu bashaza izidakamizwa kwakhona naboshwayo. Izitolo eziningi zabokufika kuphoqeleke ukuthi zivalwe ngenxa yokushuba kwesimo.
Ababhikishi abebevutha bengabaselwe balibeke ngembaba elithi sekwanele. Osomabhizinisi bendawo nezakhamuzi sebekhathele ukungabikho komthetho kuleli. Izakhamizi zisabisa ngokuthi zizozilungisela isimo uma uhulumeni ehluleka. Le mashi ithumele isixwayiso esishubile sokuthi izitolo zabokufika ezingekho emthethweni zizogcin zivalwa unomphela.

UPhakelumthakathi, ongomunye wabahleli bale mashi, ugcizelele udaba lokudingiswa kwabantu bokufika abangekho emthethweni isikhathi esithile ukuze kulungiswe imingcele yaseNingizimu Afrika. “Masivunyelwe thina njengabantu baseNingizimu Afrika ukuba sihlele imingcele yethu, silungise izinhlelo zethu, emva kwalokho noma ngubani angabe esebuya ngezindlela ezifanele,” kusho uPhakelumthakathi.
Uqhube wathi izinsizwa, amabutho akwaZulu, angasiza uhulumeni namaphoyisa ekulweni nalesi sihlava. Ngakolunye uhlangothi, uNgizwe Mchunu uthe: “Abokufika abangekho emthethweni abangenazo izincwadi ezigculisayo mabahambe kuleli ngokuthula. Sesikhathele ubugebengu abakwenzayo, okubalwa kubo ukudayisa izidakamizwa nodlame.
Sekwanele!”Umholi we-March and March, uJacinta Ngobese Zuma, wengeze ngokuthi uhulumeni kufanele asungule amahhovisi amaningi abhekelele abokufika.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
