IBucs iphinde yabuya embangweni weligi ishaya iStellies

I-Orlando Pirates ivale igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns emva kokushaya iStellenbosh FC ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership e-Athlone Stadium ngoLwesibili.

IDowns neBucs manje sebehlukaniswe amaphuzu amabili.I-Sundowns inamaphuzu angu 64 emdlalweni engu 27, iPirates inamaphuzu angu 62 emdlalweni engu 27.

Amagoli eBucs ashayweu-Evidence Makgoba ngomzuzu ka 43 noPatrick Maswangayi ngomzuzu ka 47. Ukunqoba kweBucs kulo mdlalo kukhombisile ukuthi eZimnyama ziyifuna ngempela iligi.

U-Abdeslami Ouaddou ongumqeqeshi wePirates uthe bebezilungiselele kahle bezimisele ukunqoba noma ikanjani kwiStellies.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.