Kuhlehle icala kugula inkabi enkantolo

Kube nokwethuka inkabi eboshwe nenkosi uSimpiwe Zuma ivukwa yisifo sokuwa enkantolo. UThabo Mathonsi Chonco uvukwe isifo sokuwa ngaphambi kokuthi kuqale ukuqulwa kwecala lokubulawa kowayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu. UChonco ubevele eNkantolo yesifunda eMgungundlovu.

Bekulindeleke ukuthi uzolivuma icala kodwa kwangabe kusenzeka lokho njengoba kuphoqe ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela emva kokugula. Uphume enkantolo eqhutshwa ngesihlalo esinamasondo, eyethile. Isifo simvuke kungazelele muntu ngesikhathi ehlezi emabhentshini, elinde ukuba kuqale ukuqulwa kwecala.Kube nokwebukana kwizikhulu zasenkantolo zingasizi. Isimo siholele ekutheni iMantshi, uBemal Jaynarayan, ithethise ojele abebelethe uChonco.

UJaynarayan uthe ojele kufanele babe nohlelo lokulekelela iziboshwa uma zivukwa wukugula. Ummeli kaChonco, uMnuz Zipho Khanyile, utshele inkantolo ukuthi uChonco unesifo sokuwa. “Ngiyazi ukuthi udla amaphilisi esifo sokuwa.”UKhanyile unxuse inkantolo ukuba ikhiphe umyalelo wokuba uChonco anikezwe amaphilisi njengoba esejele.

UKhanyile uthe bafuna nokuthi uChonco angavalelwa yedwa ejele ukuze kube khona umuntu ozosheshe ambone uma evukwa yisifo sokuwa. Uthe wesaba ukuthi uChonco uvalelwa yedwa njengoba esethuthelwe ejele eliseKokstad, eBongweni.”Angicabangi ukuthi eKokstad banalo uhlelo lokuthi iziboshwa zivalelwe ndawonye, sengathi wonke umuntu uvalelwa ngayedwana.”Icala lihlehliselwe uMeyi 28. UChonco nasolwa naye, uMnuz Khayelihle Shabalala, bahlela ukulivuma icala.

Inkosi uZuma noMnuz Thobani Masobho Hlongwa bona bayaliphika icala. UChonco uyayikazela yizigwebo.Ngenyanga edlule wagwetshwa iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngecala lokubulala owayephikisana nokudayiswa komhlaba eHowick, uMnuz Xolani Ndlovu/Ntombela.

NgoFebhuwari wagwetshwa eminye iminyaka engu-20 ngecala lokubulala owayengundunankulu wesizwe sakwaNxamalala, uMnuz Qalokunye Zuma.NgoJanuwari wagwetshwa odilikajele abahlanu ngecala lokubulala umndeni waseBulwer. UChonco uphinde abhekane necala lokuqothwa kwamalungu omndeni wakwaMemela ayishumi abulawa eMbali, eMgungundlovu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.