UDowns ivule igebe phakathi kwayo neBucs ishaya iPolokwane City

Ngu: Alfred Ngubane |

I-Mamelodi Sundowns ivule igebe elinzima phakathi kwayo ne-Orlando Pirates emva kokushaya iPolokwane City ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership League eLoftus Versfed Stadium ePitoli ngeSonto. Igebe phakathi kweDowns neBucs manje sekungamaphuzu amahlanu.

Umgadli weMamelodi Sundowns u-Iqraam Rayners ushaye igoli lakhe lika 12 ngomzuzu ka 33 umdlalo uqalile nokumenze wasala ngegoli elilodwa kumgadli weGolden Arrows uJunior Dion onamagoli angu 13.Kuyiwe ekhefini abafana besitayela behamba phambili ngo 1-0.

IDowns iqhubeke lapho begcine khona ngesikhathi ihlasela ngamandla yagcina ngokuthola igoli lesibili elivalelwe enethini nguTashreeq uMetthews ngomzuzu ka 56.

Abadlali beMamelodi Sundowns bakhombise ukuthi bangabadlali beqophelo eliphezulu ngesikhathi bephendula iPolokwane City FC ompushana ngesikhathi uNuno Santos eqhamuka umdlalo usuyophela evalela igoli ngomzuzu ka 83 nokwenza ukuthi leliqembu lasePitoli liqwakele ngamaphuzu angu 64 emdlalweni abayidlalile engu 27 basalelwe yimidlalo emthathu yeligi.

IPirates njenga manje seyisele ngamaphuzu amahlanu kuMamelodi Sundowns, basalelwe yimidlalo emine banamaphuzu angu 59.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.