Kuzohlonishwa ingqalabutho yoKhozi uBhodloza Nzimande

Ngu: Alfred Ngubane

Kuzohlonishwa ingqalabutho yomsakazi uKhozi FM engasekho uWelcome Bhodloza Nzimande. UBhodloza uzokhunjulwa ngeqhaza lakhe ekufukuleni umculo kamasikandi emsakazweni iRadio Zulu noKhozi FM.

Lokhu kuhlaluke esithangamini nabezindaba ebesise-Octavia Hotel, eNanda, ngoLwesithathu – ebesihlelwe yiPhuzekhemisi Foundation nenhlangano yezobuciko Icikolethu, okuyibona abahlela indumezulu yomcimbi iBhodloza Nzimande Maskandi Festival.

Omunye wabahleli bomcimbi, uMnuz Stanley Cele owayewumngani omkhulu kaBhodloza, uthe bekuhlale kuyisilonda kuyena ukubona kungenzeki lutho ukuhlonipha amagalelo kaBhodloza ekubeni kukukhulu okuhle ashiya ekwenzile endimeni yezobuciko.

“Nakuba okuningi sizokumemezela maduze, kepha siyakuqinisekisa ukuthi lo mcimbi sizowenza ngoSepthemba – esikuqondanise ngamabomu ukuthi kube ngenyanga yamagugu ukuze kuhambisane nombono esizowufeza ngawo ukuhlonipha le ngqalabutho yobuciko,” kusho uCele.

Ingwazi yomculo kamaskandi, uPhuzekhemisi Mnyandu, ithe nayo ibone kumqoka ukweseka lo mbono ngoba iyawazi amagalelo kaBhodloza endimeni yomculo, futhi ikhumbula konke okuhle akwenzele amaciko ikakhulu abaculi bakamaskandi, ngisho nayo uqobo.

“Ngale kokumhlonipha, sifisa nokuthi sisebenzise lo mcimbi ukuqhubeka nombono wakhe wokugqugquzela ukubumbana, ukuzigqaja ngobuciko namasiko ethu bese futhi usiza ngokuthi kufukuleke amaciko ehlukene ikakhulu asemasha emculweni,” usho kanje.

UNkosikazi kaBhodloza uNkk Zandile Nzimande, naye uwuthakasele kakhulu umbono wokuhlonipha umyeni wakhe, akuchaze ngokuthi kufanele ngabe kudala yenzeka into enje.

“Ngithemba ukuthi lokhu kuzosiza ukuqhakambisa ubuhle bezinto ayezithanda nayekade eshisekela ukuzifeza esaphila, futhi ngithemba ukuthi bakhona nabanye abazovela baseseke ukuze konke kube yimpumelelo,” kusho uNkk Nzimande.

UBhodloza washona ngoJanuwari 15 ngo-2021 eneminyaka ewu-73. Wajoyina Ukhozi FM ngo-1978, wasebenza kulona iminyaka ewu-19 ewumsakazi newu-13 esengumphathisiteshi phakathi kuka-1997 no-2010. Waziwa ngeqhaza alibamba emculweni wesintu esathula uhlelo lukamaskandi iSigiya Ngengoma lolwethelevishini olwaluthi Ezodumo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.