
Ngu: Minenhle Mpembe |
UNgqongqoshe wezokuVakasha kuleli uPatricia de Lille uthi akaneme neze ngokuthi INingizimu Afrika ayihleli kunombolo 1 emazweni avakashelwa kakhulu ezwenikazi.
Ekhuluma ngesikhathi kade evula ngokusemthethweni i-Africa Travel Indaba eThekwini ngoMsombululo, u-de Lille uthe iNingizimu Afrika kufanele ngabe ihamba phambili ngenxa yezinsiza nengqalasizinda enayo. Uthe uyathemba kodwa ukuthi elakuleli lizokwazi ukwedlula iMorocco ne-Egypt kulo mkhakha okungamazwe ahamba phambili wezokuVakasha.
Uthe uyajabula ukuthi nabezikhumulo zezindiza bazoyihambela lengqungquthela. “I-Africa Travel Indaba, ayiyona nje imboni yezintengiselwano. Iyimbangela yokukhula ebandakanya wonke umuntu, iqhuba imsebenzi nokutshalwa kwezimali.
Iwumbhoshongo wokugubha izindaba zase-Africa, abantu bayo kanye nezindawo zayo,” usho kanje. Uqhuva wathi izwekazi kumele lithuthikiswe ukuze likwazi ukuncintisana namazwe omhlaba kwezokuvakasha. IMeya yeTheku, uCyril Xaba, uthe : “Siyaziqhenya ngeTheku njengoba liqokwe laba kunombolo 14 kwizindawo ezinhle abantu abavakasha kuzona e-Africa.”
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuNgcebeleka nezeMvelo KwaZulu-Natal uMfundisi Musa Zondi uthe lokwethula kuyithuba elihle ngoba kuzotshalwa imali engango 2 million ukuthuthukisa ezokungcebeleka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
