Ingebhe kubhebhetheka umkhuhlane i-Hantavirus efana ne-covid

I-World Health Organisation ibike ngokubhebhetheka kweHantavirus okuwumkhuhlane ofana ne-covid emkhunjini obusuka e-Argentina uya e-Cape Verde ngeSonto.

Kushone abantu abathathu kanti isiguli esisodwa silwela impilo yaso egunjini labagula kakhulu eGoli.

Igciwane elibizwa nge-rat virus lihlasele eGoli ngemuva kokushona kwabantu abathathu abebehamba ngomkhumbi e-Atlantic Ocean. Leli gciwane lihlasele ngesikhathi umkhumbi usuka e-Argentina uya eCape Verde.

Kushone isalukazi esineminyaka engu-69 eGoli ngesikhathi sibuyela e-Netherlands. Umyeni waso washona ngesikhathi lo mkhumbi ufika eSt Helena.

I-Sky News ibike ukuthi oyedwa ususwe esibhedlela sase-Ascension wayiswa esibhedlela esizimele eSandton.I-WHO ibike ngezehlakalo eziyisithupha zeHantavirus ngeSonto ebusuku. Isehlakalo esisodwa siqinikesiwe, ezinhlabu ziyasolakala.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.