
ULucas Ribeiro ukhonjwa ku Al-Ittihad Tripoli yase Libya ngokuthola kwe -IBunda News, lomdlali wase Brazil usevumelene nangamali naleliqembu lase Libya.
UMlungisi Rhulani Mokwena kuthiwa udinga lomdlalo ngoba ufuna ukwakha iqembu azogadla ngalo ku CAF Champions league ngesizini ezayo.
UReberio ungumdlali omuhle kakhulu mangabe ehlasela kungakho emfuna uthuli, kuzokhumbuleka ukuthi kunabanye abadlali abanohlonzo abalandile uMokwena ku Waydad Casablanca ngabala uThembinkosi Nyoso Lorch no Stephen Azizi Ki wase Burkina Faso.
Kuzokhumbuleka ukuthi labadlali bayikha ngamafosholo imali ku Al Ittihad Tripoli ngakho kubonakala ukuthi akuzoba yona nencane inkinga ku Ribeiro ukusayina kuleliqembu ngoJune njengoba kuzoba kuphela inkontileka yakhe neqembu lase Spain.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
