Bakhathezekile nge-Challenge yokudla okubabayo

Sekuqhubuke ukukhathazeka kubantu abaningi, njengoba abantu bezama inselele edumile yakudla okubabayo ngendlela exakile kwase Rocomamas.

Lokhu kuvele njengoba omunye wabalandeli abakade bezama le nselelo, ephalazele epuletini abelidla. Abantu baqale ukuzwakalisa lokhukukhathazeka ezinkundleni zokuxhumana l, ngabakubona njengengozi kwezempilo ngaleChallenge.

Abanye bebalula ukuthi kumele kubuyekezwe ukubaba kwala maphiko. Omunye umsebenzisi wabhala ku-akhawunti yakhe ye-X ngalenselele.

“Sawubona @rocomamas Management, Ngibhala njengekhasimende elikhathazekile mayelana nenselelo ye-hot wings. Namuhla ngibone umxhasi ehlanza etafuleni ngenkathi ezama inselele endaweni yokudlela yakho Nakuba ngithanda ubuciko, ukusabela komzimba engakubona kuyethusa futhi kuphakamisa ukuthi inselele ingase ibe yingozi empilweni. Ngiyakunxusa ngomusa ukuthi uyicabange kabusha noma uyiyeke ukuze uvikele inhlalakahle yamakhasimende akho nesithunzi somkhiqizo wakho. Ngiyabonga.”

Abanye abasebenzisi bebeseseka isitatimende sakhe kanti abanye baveze ukuthi akekho ophoqwayo ukuthi enze inselele futhi kumele bangasondeli uma bengakwazi ukumelana nokushisa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.