UMsinga United Ladies udle umhlanganiso kuMshishi Tournament Cup

UMsinga United Ladies udle umhlanganiso kuMshishi Tournament Cup

Ngu: Alfred Ngubane

UMsinga United Ladies unqobe iMshishi Tournament Cup emva kokushaya ngembudlu yamagoli i-One Touch Ladies FC ngo 6-0 eSolomon Linda Stadium ngolwesihlanu. Leli qembu ngaphambi kokuthi liye kowamanqamu liqale lashaya futhi iYoung Buffalos FC ngo 6-0.

Umqeqeshi woMsinga United Ladies uLethiwe Tina Mthethwa uthi abadlali bakhe badlale ngendlela ekade behlele ngayo. Amaqembu abebambe iqhaza kulo mqhudelwano abeyisithupha kukhona uMsinga United Ladies FC, One Touch Ladies FC, Mzisho Ladies FC, Young Buffalos FC, Super Star Ladies neMakhankane Ladies FC.Le midlalo ibihanjelwe nayiPhini likaMengameli weSAFA Region eMzinyathi uWelcome Mpanza.

UMpanza ubonge uMshishi Phungula ngokuhlela lemidlalo yezinga eliphezulu. Uphinde wanxenxa osomabhizini baseMsinga ukuthi baqale babambe iqhaza ekufukuleni ibhola labantu besifazane eMsinga.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.