UMpanza nentshisekelo yokufukula ibhola eMsinga

UWelcome Mpanza onguSihlalo woMsinga United nePhini likaMengameli weSAFA eMzinyathi District uthi bazibophezele ekuthuthukiseni ibhola esifundeni sabo. UMpanza uhambele umhlangano weSchools Sports lapho bekuzokhethwa khona ubuholi obusha boMzinyathi schools sport.

Uthe banenhloso enhle bengubuholi beSAFA nobuholi beSchools Sport ukuthuthukisa ibhola eMzinyathi District. “Abadlali bethu bangabafundi kuzona lezikole ngakho siyadingana ngempela nobuholi beSchools Sports ekuthukuseni ezemidlalo. “Njenga manje sizodlala emncintiswaneni yeSAFA neCAF Schools Sports nokuzonika abadlali bethu amathuba amaningi wokuzibonakalisa ebholeni lase-Africa,” usho kanje.

Uthe abadlali babo kade bencishekile amathuba ngaphambilini njengoba bebengakwazi ukudlala kuMotsepe Schools Sport, CAF Schools Sport kodwa manje sebezodlala, wengeza ngokuthi manje sebezoqala ukwenza umcintiswano wezikole zaseMzinyathi District maduze,”Sizophinda silekelele kakhulu othisha bezemidlalo ukuthola iziqu zokuqeqesha ngaphansi kweSAFA,” usho kanje.

UMpanza unamagalelo amakhulu ekuthukuseni ibhola eMsinga naseMzinyathi district. Kuzokhumbuleka ukuthi unamaqembu ebhola amane khona, uMsinga United odlala ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, uMsinga United U20 odlala kuHollywoodbet League, UMsinga United U17 odlala kuMsinga LFA League noMsinga United Ladies odlala ku-LFA eMsinga.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.