
Basale enkundleni abasolwa ababili ngesikhathi bezwana amandla namaphoyisa Kunnedy Road eThekwini ngoLwesihlanu. Labasolwa babhadanywe bebhace emjondolo othile, athe amaphoyisa efika bangave besabuza bawabingelela ngezulu lezandla kwaqala ukukhuluma.
Amaphoyisa aqinise isandla, abasolwa basale enkundleni. Ithimba leSydenham SAPS Trio Task Team belithungatha lezi zinsizwa mayelana noxhaxha lwezigameko zokugetshengwa kwamabhizinisi nokuqola.
Kuthiwa baphinde bamataniswa nezigameko zokugebenga ku-N2, lapho kwahlaselwa khona abashayeli bezimoto.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
