
SIWE SHOZI |
IFNB Stadium kulindeleke ukuthi igcwale phama abalandeli njengoba kuzobhekana EzikaMagebhula naMakhosi kowe Soweto Derby kusasa.Lo mdlalo ubukeka unesasa kakhulu ikakhulukazi kubalandeli abazinze eGoli.
Lonke leli sonto baliqale ngokugqoka imibala emnyama kanye nephuzi ukukhumbuza abantu ukuthi impelasonto enkulu lena yokubhekana kwengwe nengonyama lapho kubhekwe khona ukuthi ezikaKaizer Motaung zibuyise izinduku.Ekuqaleni kwalo nyaka EzikaMagebhula zibadumisele ngembudlu yamagoli, beguqa ngo 3-0.
Amagoli ayevalelwe ebethini oTshepang Moremi, Oswin Appoli, no-Evidence Makgopa. Kuyiwa kulo mdlalo omkhulukazi mibili ke imibuzo, owokukuthi iKaizer Chiefs ngabe izokwazi ukunqoba ekhaya na? okanye ngabe iBucs izoqhubeka lapho igcine khona izidlele amahlanga kuleli qembu? kodwa yonke leyo mibuzo liyothi lizilahla kunina izobe seyiphendulekile.
I-Orlando Pirates ihlezi esicongweni kwiBetway Premiership emuva kwemidlalo engu-25, amaphuzu angu-58 ilandelwa iMamelodi Sundowns enemidlalo emibili esandleni futhi bashiyana ngephuzu elilodwa. Nokho-ke babambe umoya abalandeli beBhakajuju ngalesi sicoco ngoba kusengeka siphinde siwele ezandleni zakwaMotsepe.
EzasePhefeni zikunombolo-3 nokuyinto abayijabulela kakhulu abadlali kanye nabalandeli njengoba imidlalo yeMTN 8 bese beyizwa ngendaba futhi sekucacele nengane encane ukuthi nakanjani bazoba yingxenye yalemidlalo ekuqaleni kwesizini ezayo.Kanti-ke uma ihluleka ukunqoba kusasa i-Orlando Pirates izonyuka kakhulu ingcindezi ngoba ngeSonto kuzobhekana iMamelodi Sundowns neRichards Bay FC, e-Umhlathuze Sports Complex uma befika bewina umqansa uzothanda ukusinda impela ekumele unyukwe EzikaMagebhula ngodaba lweligi.
Umdlalo uqala nge-hora lesithathu ntambama kanti uzovezwa naseziteshini zika mabonakude. Kube sekunxuswa abalandeli ukuthi basheshe bathutheleke enkundleni ukugwema isiminyaminya nokungena enkundleni sewuqalile umdlalo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
