Liyadlondlobala ibhola labesifazane eMzansi

Umqeqeshi woMsinga United Ladies uLethiwe Tina Mthethwa ukholwa ukuthi manje sekuyisikhathi esihle sebhola labesifazane. “Sinabadlali abadlali abanekhono elisimangaliso ngicabanga ukuthi ngonyaka ozayo sizolwela ukudlala ku Sasol Super League,” usho kanje.

Uthe bafuna leliqembu loMsinga United Ladies lidlale kuHollywood Bet Super League. UTina usanda kuthweswa izigqu zemfundo ephezulu- i Diploma yeSport management lokho kuzomlekelela kakhulu ekuthuthukuseni ibhola labantu besifazane.

Njengamanje lomqeqeshi usezinhlelweni zokwenza iSAFA D License khona ezongena egxile kakhulu ekuqeqesheni. “Sibonga kakhulu uSihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza ngokuthuthukisa ibhola eMsinga nelabantu besifazane, bekunzima ukuthi sizoqala kuphi kodwa yena wenza umsebenzi wabalula kubantu besifazane abadlala ibhola kumanje kukhona abadlali abaningi abafuna ukujoyina leli qembu loMsinga United Ladies, ” kusho uTina.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini belingekho nhlobo ibhola labantu besifazane eMsinga ngenxa yezizathu eziningi ezihlukene. Leli yiqembu lokuqala elibhalisiwe kuSAFA eMsinga labantu besifazane.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.