
Ngu: Philasande Gumede |
I-DA ifingqe imikhono yangenelela enkingeni yamanzi ebhekene nabantu baseZinkawini eVerulam ku-ward 102.Izikhulu zale nhlangno zibambe umhlangano nomphakathi ngenhloso yokuthola isisombululo.
UThembelihle Mazibuko oyilunga lomphakathi uzwakalise ukunganami ngesimo samanzi kulendawo njengoba ubesehleli iminyaka eyisthupha bengawatholi amanzi nomdeni wakhe.
“Sazama ukuthola usizo kumasipala weTheku kodwa akwenzekanga. Ngasifaka isicelo sosizo kodwa kwathiwa angilinde kwathi sekufanele bangisize emva kwamaviki ambalwa sengilindile kwathiwa angiqale phansi ngoba ithikithi selivaliwe” kusho uMazibuko.
UMazibuko uqhubeke wathi kuyoyonke leminyaka ezama akaze aluthole usizo kepha manje usenethemba ngoba abaholi beDA sebengenelele.Ogaqele ukuba iMeya omele i-DA uHaniff Hoosen uthe bazolusukumela lolu daba.
”Sizibophezele ekutheni senze isiqiniseko sokuthi zenza izinto ngendlela, asikwazi ukuhlala sigoqe izanda abantu becindezelekile. Angeke sivume ukuthi abantu baqhubeke nokuphila ngaphansi kwalezi zimo ezinzima.” usho kanje.
UHaniff uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ungathuli uma kunezinkiga kepha ubike kumasipala.I-DA ibe isikhuthaza abomphakathi ukuthi bakhulume kanti baphinde bavote ukuze bezothola usizo nonshintsho endaweni yabo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
