
USabelo Mkhonto Cebekhulu owayengumpetha weWBF International uzofulathela iKZN alibangise eGauteng lapho eyobhekana khona nembangi yakhe uTisetso Makitinca. UCebekhulu odabuka eMtubatuba kulindeleke ukuthi azibambe ziqine mangabe esebhekene noMakitinca.
Ngokohlu lamabhokisa agaqele isicoco sebhande leSA, ukleliswe waba ngunombolo 6 emabhokiseni akuleli. Mangabe enganqoba lempi kuzomsondeza eduze ukuthi asheshe alwele isicoco.
UZwilenkosi Magudulela ongumhleli kaCebekhulu uthi lomshayisibhakela wakhe ukulungele ukunqoba kuMakitinca.”Simbonile lomfana muhle ngempela ngeke simthathe kancane kodwa siyolwa ngempela eGoli,” kusho uMagudulela. Uthe uyamethemba uCebekhulu ngoba uqale lomshikashika wesibhakela emphandwini wezingonyama.
“Wehluke kakhulu kunamanye amabhokisa ebesinawo ngaphambilini ngesikhathi sikaBaba Thulani Nkunzi Magudulela,” kusho Magudulela Lezimpi ziqhathwe yiLegacy Promotions kaKevin Lerena ngomhlaka 25 April eGoli.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
