Amaphoyisa angeke esakwazi ukubuyisa imilayezo esusiwe efonini

Inkampani ekhiqiza amaselula ahlobo, i-Apple, ithi isilungisile iphutha lokuthi imilayezo esusiwe noma ephelelwa yisikhathi ngokuzenzakalela, iphinde itholakale kuma-iPhones nama-iPads Inkinga isuke ekubukeni kube nezinsalelela ezigcinwe endaweni, ngisho nangemva kokuthi imilayezo yoqobo isusiwe.

Lokhu bekusho ukuthi, nangephezu kokusebenzisa izinkundla ezibethelwe ukuthi akukho okuzoputsuka ezinjengeSiginali ne-WhatsApp, kodwa imikhondo yezingxoxo okuthiwa zisusiwe isengafinyelelwa.

Abagqugquzeli bobumfihlo bathi lesi sigameko sigqamisa ukukhathazeka okubanzi mayelana nemininingwane eyinsalela egcinwe kuma-smartphones.

Bexwayisa ngokuthi izintuba ezinjalo zingabukela phansi okulindelwe ngabasebenzisi bemiyalezo evikelekile nenyamalalayo, ikakhulukazi ezimeni lapho amadivayisi abanjwa futhi ahlaziywe.

Lezi zinqumo zimenyezelwe bgumphathi omkhulu walenkamlani, nosendleleni ephumayo u-Tim Cook.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.