Impunyela ihlekise ngokuzivoca kukaMkhwanazi

Impunyela edumile u-Edwin Sod ikuphendule ihlaya ukubonakala kukaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ezivocavoca.“Uzilungiselela thina. Sisekakeni”. Lawo ngamazwi abhelwe nguSodi kuvidiyo ayifake kuWhatsapp wayenza i-Status sakhe.

Uthole ukugxekwe okukhulu uSodi ngalesnzo sakhe abanye bemkhuza ukuthi angasukeli imamba isemgodini wayo. Udaba lwale vidiyo lube selubhebhethikiswa kakhulu ezinkundleni zokuxhuma abasebenzisi ba-X, abafana noMusa Khawula, odume ngokufika nezindaba zosaziwayo eziyimfihlo.

UMkhwanazi ubenemqudelwano wamaphoyisa, kulemiqhudelwano kuhlanganisa izinhlobonhlobo zokukhuthaza ukuzivocvoca, okubalwa u12 km Race, ama-aerobics kanye nomqhudelwano wama-bhayisikili.

UNdonga, akagcinanga nje ngokuvula lomcimbi kodwa naye ubambe iqhaza kuyo cishe kuyo yonke, ngoba ugijimile, wazivocavoca sakudansa (aerobics) nokukhombisa ngokusobala ukuthi umholi ohola ngokuba isibonelo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.