
UMsinga United, uzodlala umdlalo onzima kakhulu ngomgqibelo eNewcastle, njengoba uzophinde utholane phezulu futhi ne-Chess FC, kodwa manje sezitholana emdlalweni we-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.
Lomdlalo umqoka kakhulu kuleliqembu lase eMsinga, njengoba lilwela ukungena emdlalweni yokuhlungela imidlalo ye ABC Motsepe League kazwelonke.
Amabhubesi aseMsinga asele ngamaphuzu amabili kuMkhambathi FC, kanti lamaqembu asalelwe yimidlalo embili yokucacisa ukuthi ngubani ozodlala imidlalo yokuhlunga, nozomela isifundazwe saKwaZulu Natal emdlalweni kazwelonke ye-ABC Motsepe League.
UMsinga United uzobhekana neChess kanti lomdlalo uzoba ngomgqibelo enkundleni yezemidlalo Arbor Park Stadium ngo 15 :00
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
