Isibabuli samaSharks sizogijima kwelaseJapan

SIWE SHOZI

KUBUKEKA sizovalwa ngoJadin Hendrikse isikhala sikaGrant Williams kwiHollywoodbets Sharks njengoba enyelwe inyoni esandleni, ezolibanganisa eJapan ekupheleni kwe nkontileka yakhe ephela ngoJuni.

UWilliams udlala njenge scrum-half kanti unayo imvume yokuthi uma esathanda ukuba ingxenye yeqembu lamaSharks ilulwe inkontileka yakhe ngonyaka owodwa aqhubeke adlale kuleli qembu laseThekwini kodwa unqume ukuthi afudukele kwelaseJapan lapho eyovala khona isikhala saFaf De Klerk eqenjini iYokohama Canon Eagles.

KwiHollywoodbet Sharks ufike ngo-2017 futhi usedlale imidlalo engu-27 eqenjini lamaSpringboks, waphinde wadlala enkulu indima ukuthi iqembu liwine indebe yomhlaba ngo 2023.

Iqembu njenga manje limatasa ngokucija uHendrikse okuwuyena ocishe abe sezingeni laWilliams ohambayo, Bradley Havis Davids noRoss Braude nabo bayacijwa yize besebancane.

Baveze nokuthi kumaSharks basezinhlelweni zokuthenga u-Ivan Van Zyl kumaSaracens nokuyiqembu laseNew Zealand.

Bamubongele kakhulu kumaSharks ngohambo lakhe olusha, bamufisela nenhlanhla baphinde babonga nangesikhathi asihlale eqenjini futhi elisebenzela ngeqiniso.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.