
Ugalagala lukasomabhizinisi waseMpumalanga eHammarsdale uDkt Graham Sabela uchonywe uphaphe lwegwalagwala ngokuba ngusomabhizinisi obambe iqhaza elikhulu ekufukuleni abantu. USabela usanda kuhlonishwa ngendondo ye-Influential men of the year emcimbini obuseSibaya.
”Ngiyabonga kakhulu kubona bonke abeneqhaza ekutheni kubonakale uma kukhona okuhle esikwenzela umphakathi wethu. Ngijabule kakhulu ngokuthi namhlanje ngithole le ndondo. Lokhu kusho lukhulu kabi kimina futhi kuyinto echaza ukuthi kukhona okuhle umuntu abonakala ekwenzela umphakathi,” usho kanjena.
Ugcizelele ukuthi ufisa ukwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayalekelala ngenhloso yokwehlisa isibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi KwaZulu Natal kanjalo nakwezinye iziFundazwe ezikhona eNingizimu Afrika.IG Force ngonyaka owedlule igama layo libalwe nezikhondlakhokhondla zezikhampani ezenza kahle kakhulu eNingizimu Afrika.
Phakathi kwezinkampani abalwa nazo kufaka phakathi u-Eskom, uDefy nezinye eziningi.USabela ebambisene neZulu Royal Chancellor inkosi Malusi Zondi basanda kuhlenga imisebenzi yabasebenzi baseSteiweg Bridge eThekwini abebebhekene nokudilizwa.
Inkampani yakhe ibuye yaziwe kakhulu ngohlelo lwayo oluhlabahlosile lokulekelela abafundi abasuke bephothule umatric ngemufundaze.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
