
INigeria isishayephansi yathi “cha kuhwebo phakathi kwayo neNingizimu Afrika, kanye nawo wonke amazwe ase-Afrika angekho ku-ECOWAS.
Lelizwe lithe ngalesi nqumo lifuna ukukhuthaza nokuvikela izimboni zasekhaya, kanye nokukhuthaza ukuhwebelana kwesifunda, ngakho uHulumeni wombuso wenqabele ukungeniswa kwezigaba eziyi-17 zezimpahla ezivela eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe angekho kwi-ECOWAS. Lezi zimpahla zihlanganisa imikhiqizo yezinkukhu, usimende, imithi, kanye nezinto ezibalulekile zokudla.
Le nqubomgomo, eqale ukusebenza ngo-April 1, 2026. iyingxenye ye-2026 Fiscal Policy Measures (FPM) nezichibiyelo zentela. Ichazwe kwisekhula esemthethweni ekhishwe uMnyango Wezezimali Wombuso futhi yasayinwa uNgqongqoshe wezeZimali noXhumanisa uNgqongqoshe weZomnotho, u-Wale Edun, ngemva kokugunyazwa kukamongameli.
Ngokwale sekhula, uhlu olubuyekeziwe lokuvinjelwa kokungenisa uhwebo lusebenza ngokukhethekile ezimpahleni ezivela emazweni angewona amalungu e-ECOWAS, ngokuvumelana nohlaka lwe-ECOWAS Common External Tariff.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
