Isihlabani samabhokobhoko asikugqiziqakala ukugxekwa ezinkundleni zokuxhuma

Umdlali we-DHL Stormers ne-Springboks -uSacha Feinberg-Mngomezulu, uthi akumphathi nakancane kabi ukugxekwa akuthola ezinkundleni zokuxhumana.

Ekhuluma ngesikhathi iqembu lilungiselela umdlalo omkhulu ne-Glasgow Warriors e-Cape Town Stadium ngoMgqibelo, u-Sacha oneminyaka engu-24 ubudala uthe uyazibona izinto ezibhalwayo kodwa akazivumeli ukuthi zimthinte.

“Ngiyazilandela izinkundla zokuxhumana ngakho ngiyakubona obakusho ngami, ey kodwa uma ubuka ibhola lase-Europe, kubi kakhulu lapho,” kusho u-Feinberg-Mngomezulu.

Uthe inqobo nje uma abaqeqeshi bakhe bejabule ngokudlala kwakhe, konke kuhamba kahle.

U-Sacha uke wagxekwa kakhulu emasontweni edlule ngemuva kwemidlalo embalwa lapho i-Stormers yehluliwe khona. Umqeqeshi we-Stormers, u-John Dobson, uvikele umdlali wakhe ngokuthi “Umsindo ozungeze u-Sacha uyakhathaza futhi ke angiqondi ukuthi kungaba kanjani ukuzonda umfana onekhono elingaka nethemba elikhulu le-Stormers ne-Springboks”


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.