U-De Sa uyosiza uQueiroz ekuqeqeshini iGhana

URoger De Sa uqinisekisile imibiko ethi uzojoyina uCarlos Queiroz njengo msizi wakhe omusha kwi-Black Stars yase-Ghana.

Ekhuluma neBunda News, uDe Sá uthe ngizondiza ngoLwesine ngiye e-Accra ukuyoqala umsebenzi ngokushesha.

“Sizozama ngakho konke okusemandleni ethu, ukuthi sinqobe imidlalo noma kunzima ukunqoba lendebe yomhlaba,” usho kanje.

Uthe bafuna ukuphakamisela phezulu ifulegi lase-Ghana. U-Queiroz, 73, waziwa ngokwakha amaqembu aqinile kanti futhi unolwazi olukhulu lwe-World Cup – waqeqesha i-Iran, Portugal, ne-Egypt emqhudelwaneni omkhulu.

U-De Sá uzoletha ulwazi lwe-African football kanye nekhono lokusebenza nabadlali.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.