IStellies sephule irekhodi leDowns lokunqoba imidlalo ilandelana

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ugxeke umdlali wakhe wasemuva uKhulumane Ndamane ngokudlala kabi nokuholele ekutheni kube nephenathi ngesikhathi bedlala neStellenbosh emdlalweni ogcine uphele ngo 1-1.

Lokudlala ngokulingana kweDowns kwenza laphuka irekhodi layo lokuwina imidlalo engaphezu kweshumi ilandelana. UCardoso ubethukuthele eqhuma njengoba ubekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.

“UNdamane udlale umdlalo omuhle kakhulu kodwa kuzomele afunde ukugwema isimo esinjena sokwenza amaphutha,” kusho uCardoso. Njengoba leliqembu leMamelodi Sundowns lidlale ngokulingana ne Stellenbosh FC ngo 1-1 kushubise umbango weBetway Premiership League.

Njengoba manje umehluko phakathi kwalamaqembu yiphuzu elilodwa -iPirates inamaphuzu angu 58 kuthi -iMamelodi Sundowns ilandela ngo 57, kuphinde kubekhona umehluko wamagoli njengoba ezimnyama zinamagoli angu 50, kuthi abafana besitayela babe namagoli angu 43, IDowns isele ngomdlalo owodwa kwiBucs.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.