
Umqeqeshi wePolokwane City u-Phuti Mohafe ugxeke isinqumo sokunikeza uLebohang Maboe weKaizer Chiefs umklomelo womdlali wosuku ovelele.Lo mdlalo uphethe ngo 0-0.Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo weBetway Premiership League wePolokwane City neKaizer Chiefs, uMohafe uthe abadlali bakhe benze kahle kakhulu ukwedlula uMaboe.
“Asibuyele emuva — ubani obegade uMaboe? UKambala. ‘u-The Lord Kambala’ udlale wamedlula uMaboe. Saphinda futhi saba noTlou Nkwe ngakwesobunxele, okunguye obefanelwe ukuba yi-Man of the Match.“Ngakwesokudla sinoMokibelo Ramabu.
Ubanikeze izinkinga; naye ubefanele ukuba yi-Man of the Match. Pho kungani ningabaniki, ” kukhala uMohafe. UMohafe ugcizelele ukuthi uhlelo lwePolokwane City lusebenze kahle ukuvala uMaboe noThabo Cele.
Uthi umdlali wasesiswini sakhe u-Kambala “umqede amandla” uMaboe, wamvimba ukuthi akhe amathuba abalulekile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
