Udilikajele neminyaka engu-23 ngelolubulala nokubamba inkunzi

I-National Prosecuting Authority (NPA), isamukele isigwebo sikadilikajele neminyaka ewu-23 esitholwe wuVusumuzi Victor Makhaye enkantolo yesiFunda e-Estcourt. UMakhaye ugwetshwe ngecala lokubamba inkunzi ngesihluku, ukubulala nokuphazamisa ukusebenza komthetho.Konke kusukela esigamekweni sokubulala intombi yakhe uNosipho Constance Madondo (40).UMakhaye noMadondo babehlala eMooi River nase-Escourt ngokwehlukana. Ngaphambi kwesigameko,uMakhaye wahlela ukubulala uMadondo amphuce izinto zakhe. Waqhamuka necebo lokumyengela eMooi River enza sengathi umhlelele udizili wemoto.Ngo-01 September 2023, uMadondo watshela umngani wakhe ukuthi unendlela eya eMooi River uyobona uMakhaye. Umngani waqala wakhathazeka engasamtholi ocingweni isikhathi eside. Kwathi uma selungena ucingo lwaphendulwa wuMakhaye wathi konke kuhamba kahle kodwa wanqaba ukumkhulumisa nomufi. Kwahamba isikhathi lwase luvalwa ucingo.Umngani waqala waxwaya esabela ukuphepha kukamngani wakhe, wabika udaba emaphoyiseni. Kwasetshenziswa ubuchwepheshe bokulandela umzila wemoto ngo-05 September 2023, imoto yatholwa ku-Hilton Road. Kuthe kusabhekwa imoto kwase kuqhamuka uMakhaye.Kuthe uma amaphoyisa exoxa naye athola iselula kamufi kuyena. Waphika walala ngomhlane ethi akamazi umufi ukuthi ukuphi. Kuthe kulezo zinsuku, uMakhaye waqamba amanga kubaphenyi ethi umufi ukwenye indoda eMooi River kodwa kwavela ukuthi uhubhuza amanga.UMakhaye wagcina ehamba namaphoyisa eyokhomba isidumbu ehlane ngasemgwaqeni uR103. Kwaqapheleka ukuthi umufi wayelimele ekhanda, ubuso buvalwe ngocwazi futhi elimele emzimbeni.UMshushisi u-Eddie Mbewu ubize ofakazi okungamaphoyisa athola imoto. Amaphoyisa aveza ukuthi aqaphela ukuthi kwaba nemizamo yokugwabula imoto kucingwa umshini wokulandela umzila. Ilungu lomndeni lichaze umufi njengomuntu obemnene ethanda izingane zakhe.UMakhaye ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngokubamba inkunzi ngesihluku, udilikajele ngokubulala neminyaka ewu-8 ngokuphazamisa ukusebenza komthetho. Inkantolo inqume ukuthi isigwebo sokubamba inkunzi nesokuphazamisa ingalo yomthetho azidonse kanyekanye. Ngaphezu kwesigwebo inkantolo ithe lo mlisa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.I-NPA inethemba lokuthi isigwebo sozothumela umyalezo wokuthi abaphehla udlame lobulili nokubulala abesifazane bazojeza.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.