
Umgadli weMamelodi Sundowns u-Brayan Leon uqhubekile nokushisa izikhotha kwi-CAF Champions League eqopha umlando omusha ebholeni lase Africa ngokushaya amagoli amabili emzuliswaneni yomibili yowandulela owamanqamu.
Lo mdlali wase-Colombia usemgudwini wokushaya amagoli ongakholeki, usewumdlali wesithathu kusukela kusizini ka-2016/17 ukuthola inethi emidlalweni engu-4 ilandelana eqale ngayo kwi-CAF Champions League.
U-Leon ulandela ezinyathelweni zika-Walid Soliman wase-Egypt (2018) kanye no-Ayoub El Kaabi wase-Morocco (2019-2021).U-Leon uphinde wenza umlando ngokuba ngumdlali wokuqala ovelele ngaphansi kwe-PSL ukushaya igoli kuyo yomibili imizuliswano ye-semi-final ye-CAF Champions League.
Lelo galelo lakhe libalulekile ekusizeni i-Sundowns ukuthi ifinyelele kowamanqamu we-2025/26 lapho izobhekana ne-AS FAR Rabat.Abalandeli beMamelodi Sundowns baqale bambiza ngo-“El Goleado njengoba engumshayi magoli.
Wonke amehlo azobe ethe njo ku-Leon kowamanqamu ngoMeyi 15 ePitoli nangoMeyi 24 eRabat. Uma eqhubeka ngale ndlela, i-Sundowns ingase iphakamise indebe yesibili emlandweni wayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
