
Umqeqeshi we-Espérance Sportive de Tunis, uPatrice Beaumelle, ukholwa ukuthi iqembu lakhe lingakwazi ukuguqula amatafula emdlalweni womlenze wesibili kowandulela owamanqamu we-CAF Champions League neMamelodi Sundowns ePitoli ngoMgqibelo.Ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo, uBeaumelle uthe: “Konke kuyenzeka. I-Espérance yayingakaze ishaye i-Al Ahly e-Cairo, kodwa emasontweni ambalwa edlule saya khona, sashaya amagoli amathathu, sawina. “Manje kumele sisebenzise amathuba ethu kahle uma sesibhekene neMamelodi Sundowns , Kumele sizethembe njengoba senzile e-Cairo.Khona manjalo, sizobe siqashwe ngelokhozi isimo kulandela isigameko sangonyaka odlule lapho kwakutholene khona lamaqembu, abalandeli bashayana kwabamnyama kwancane indawo enkundleni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
