
UMengameli uCyril Ramaphosa uthi ukungasebenzi kahle kohulumeni basekhaya nokugqoza kwamanzi emphakathini ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya kuphazamisa ukukhula komnotho wezwe. Ekhuluma engqungqutheleni yezinsuku ezimbili eBoksburg, uRamaphosa uthe omasipala abaningi bayahluleka ukuhambisa izinsiza kubantu, wengeza ngokuthi le nkinga idinga ukulungiswa.
Umbiko kaMncwaningi-Mabhuku jikelele ukhombisa ukuthi u-71% womasipala awazange bawusebenzise kahle umthetho wezimali ngonyaka ka-2024/2025. URamaphosa uthe izwe lilahlekelwa ngamalitha angaphezu kuka-40% wamanzi ngenxa yamapayipi agugile navuzayo.Lokhu kudla umnotho u-R9.9 billion ngonyaka.
Uthe namaphrojekthi amakhulu afana ne-Lesotho Highlands Water Project Phase 2 noMkhomazi Water Project abambezelekile. Ngenxa yalokho, iGauteng neKwaZulu-Natal banenkinga yamanzi.
Uthe uma engekho amanzi nogesi okuthembekile, izimboni ziyavalwa futhi abatshalizimali bayesaba ukufaka imali yabo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
